Umuntu Akalahlwa

R154,74

Le yinoveli ekhuthazayo efundisa wonke umuntu ukuthi angalilahli ithemba nokuthi amaphupho ayafezeka umauzimisele. Le noveli isethwe elokishini.Le noveli ikhuluma ngomfana ogama lakhe nguBafana wayedla izidakwamizwa futhi enabangani ababi. UBafana, okuwukuphela kwengane kubaba nomama wakhe, wayeneminyaka engama-20 ubudala. Wayeseqedile isikole kodwa wayengenayo intshisekelo yokuthola umsebenzi. UBafana yayinephupho lokuthi ngelinye ilanga uzophumelela futhi abe ngumculi odumile. UBafana wayethanda ukugqugquzela abantu ngamagama akhulunywa izazi zefilosofi ezahlukene. Wayethanda ukuhlanganyela izingcaphuno zezazi zefilosofi ezahlukene ngempilo. Yize ayesebenzisa izidakamizwa, kodwa wayengayeki ukugqugquzela abangani bakhe ababedla izidakamizwa nabaphuza utshwala ngezingcaphuno. Ubaba wakhe wayengathembi lutho ngoBafana, wayengenathemba lokuthi uzoba nekusasa eliqhakazile. Ngaphambi kokuthi ubaba wakhe adlule emhlabeni, wakhuthaza uBafana ukuthi athole unkosikazi, wamshiyela nesipho sokumvumela ukuthi asebenzise izinkomo zakhe ukukhokhela amalobolo. Umama kaBafana wayenethemba elikhulu ngoBafana. UBafana ubhekane nezikhathi ezinzima nezinselelo kodwa ekugcineni isifiso nokuzimisela kwakhe kwaba nomphumela omuhle ngoba iphupho lakhe lodumo lafezeka. Ngemuva kokushona kukayise, wazimisela kakhulu ngokujabulisa umama wakhe nobaba wakhe ongasekho futhi washintsha impilo yakhe yaba ngcono.

Authors

Language

Publisher

ISBN

9780190758714

Number Of Pages

0

File Size

1.64 mb

Format

EPUB

Edition

0

Published

02-08-2021