PASS IsiZulu – Le ncwadi ewumhlahlandlela wokuhlelwa kokuhlolwa kwebanga le-12 iwusizo kakhulu kumfundi ofunda isiZulu njengolimi lwebele. Iqukethe izibonelo zokuma kwamaphepha ongakulindela ekuhlolweni kwephepha lokuqala, elesibili nelesithathu ekupheleni konyaka kanye nokuhlola kokuchibiyela. Ingxenye yokuqala inemiyalelo nemininingwane yesimo sephepha lokuqala. Igxile kakhulu kwisivivinyo sokuqondisisa, ukufingqa, izakhiwo nezimiso zolimi ezicacisa ngesikhangiso, ikhathuni kanye nezakhiwo nezimiso zokusetshenziswa kolimi. Ingxenye yesibili igxile ekucaciseni ngokuma kwephepha lesibili. Isibonelo nezincazelo zephepha lesibili ziqukethe inkondlo namava okuhluzwa kwayo; ukuhluzwa kwenoveli, umdlalo kanye nezinganekwane. Ingxenye esekugcineni igxile ekufundiseni ngokuma kwephepha lesithathu. Icacisa ngokubhalwa kwezinhlobo ezahlukene zezindaba njengendaba elandisayo, echazayo, edaza inkani, eqhathanisayo, eningayo kanye nesuselwe esithombeni. Isiqephu B kule ngxenye sicacisa kabanzi ngemibhalo edlulisa imiyalezo nezinhlobo zalolu hlobo lwemibhalo njenge-ajenda namaminithi omhlangano.
Authors | Thandeka Hadebe, Thandiwe Ngema, Zanele Buthelezi, Zandile Mhlungu |
---|---|
Language | |
Copyright | |
Publisher | |
ISBN | 9781316092033 |
Number Of Pages | 0 |
File Size | 7.40 mb |
Format | EPUB |
Edition | 1 |
Published | 01-01-2014 |