Izindlalifa zamalungel’ okufa nokuphila – Digital Edition

R100,00

Izindlalifa zamalungel’ okufa nokuphila is written in IsiZulu. Le noveli ikhuluma ngamalungelo akhona lapha eMzansi. Umbhali uyawapenapena la malungelo bese kuvela ukuthi kukhona amalungelo amahle esingawabiza ngamalungel’okuphila. Aphinde futhi aveze amalungelo amabi noma angemukeleki, lawo-ke singathi angamalungel’ okufa.Abantu “”abadla”” la malungelo babizwa ngezindlalifa zamalungel’ okufa nokuphila. Umbhali wale ncwadi uphonsela inselelo imikhandlu ephethe izikole (School Governing Bodies) lapha eMzansi ukuthi uma ingahlelekile kubanjani ezikoleni. Ngamafuphi le noveli ikhuthaza imfundo kanye nokusetshenziswa kwamalungelo ngendlela efanele. Le ncwadi iveza izindlela intsha ecabanga ngayo uma kukhulunywa ngentando yeningi lapha eMzansi. Iphinde iqhubeke futhi iveze izindlela intsha elimala ngayo uma idla izidakamizwa egameni lamalungelo. Sizwa nangentsha engene ekudayisweni komzimba ithi idla amalungelo. Umlobi uphinde asike elijikayo ngabaholi abathi bangangena ezikhundleni lapha ezweni lase-Afrika bagcine befuna ukuncela umbele waphakade. Okunye futhi okuvelayo ukuthi uma abantu besakhankasela ukungena ezikhundleni bathembisa izulu nomhlaba kodwa bathi bangangena bavale iminyango.

Authors

Language

Publisher

ISBN

9781139876476

Number Of Pages

0

File Size

1.11 mb

Format

PDF

Published

01-01-2014