Ikhanzi Folklore Anthology (isiZulu) (1 year) Digital Edition

R31,59

Ngobuciko bomlomo kuchazwa lobo buciko bokwethulwa kwenkulumo eyadabuka ngokuthi yedluliselwe ezizukulwaneni ngale kokuthi ize ilotshwe ezincwadini. Sithi ngubuciko bomlomo ngoba phela yabe yedluliswa ngawo belu umlomo. Abantu bakuqala, okhokho bethu phela, abeyizingcweti, eyizintengu, benekhono elingandile lokwedlulisa imicabango yabo, beyethula ngawo belu umlomo. Kuzokhumbuleka phela ukuthi endulo yabe ingaphushwa indaba yamabhuku esesiloba kuwo esikhathini esiphila kuso manje. Phakathi kohlobo lwemibhalo olungena ngaphansi kwalo munxa wobuciko bomlomo singabala, izinganekwane, imilolozelo, izibongo zomdabu, izisho, izaga kanjalo neziphicaphicwano. Ngokomgomo waleli bhuku sizogxila kule minxa elandelayo: izinganekwane, iziphicaphicwano, izisho, izaga kanjalo nezibongo zomdabu. Idubukele!

Authors

Language

Publisher

ISBN

9781108561488

Number Of Pages

0

File Size

5.24 mb

Format

EPUB

Edition

1

Published

28-02-2017